1 Chronicles 10:4 — Compare Translations
2 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
USawule wayesethi odibini lwezikhali zakhe: Hosha inkemba yakho, ungigwaze ngayo, funa labo abangasokile bafike, bangone. Kepha aluvumanga udibi lwezikhali zakhe, ngokuba lwesaba kakhulu. Ngalokho uSawule wayithatha inkemba, wawela phezu kwayo.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
USawule wathi odibini lwakhe: “Hosha inkemba yakho, ungigwaze ngayo, funa labo abangasokile bafike bangihlukumeze.” Kepha aluvumanga udibi lwakhe, ngokuba lwalwesaba kakhulu. Ngalokho uSawule wathatha inkemba, wawela phezu kwayo.