1 Chronicles 12:18 — Compare Translations
2 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Kwase kwehla umoya phezu kuka-Amasayi owayeyinhloko yabangamashumi amathathu, wathi: “Singabakho thina, Davide, sinawe, wena ndodana kaJese; ukuthula, ukuthula makube nawe, ukuthula makube nabakusizayo, ngokuba uNkulunkulu wakho uyakusiza.” Wayesebamukela uDavide, wabenza izinhloko zeviyo.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Kwase kwehla umoya phezu kuka-Amasayi, owayeyinhloko yabangama-30, wathi: “Singabakho thina, Davide, sinawe, wena ndodana kaJese; ukuthula, ukuthula makube nawe, ukuthula makube nabakusizayo, ngokuba uNkulunkulu wakho ukusizile.” Wayesebamukela uDavide, wabenza izinhloko zeviyo.