1 Chronicles 12:19 — Compare Translations

2 translations compared side by side

Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Kwafika abanye kwabakwaManase kuDavide, lapho efika namaFilisti ukulwa noSawule, kepha abawasizanga, ngokuba izinduna zamaFilisti sezilulekene zammukisa, zathi: “Uyakuhlubukela enkosini yakhe uSawule, amakhanda ethu abe sengozini.”
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Kwafika ingxenye yabakwaManase kuDavide, ngesikhathi izolekelela amaFilisti ukulwa noSawule, kodwa abawalekelelanga ngokuba abaholi bamaFilisti babonisana, bamkhomba indlela bethi: “Lo uyakuhlubukela enkosini yakhe uSawule, adayise ngathi, asibulale.”