1 Chronicles 12:40 — Compare Translations
2 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Ababe seduze nabo kuze kube kwa-Isakare, nakwaZebuloni, nakwaNafetali baletha isinkwa ngezimbongolo, nangamakamela, nangeminyuzi,* nangezinkabi, nokudla kwempuphu, nezigaxa zamakhiwane, nezigaxa zezithelo zomvini ezomileyo, newayini, namafutha, nezinkabi, nezimvu eziningi, ngokuba kwakukhona ukuthokoza kwa-Israyeli.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Nabakhelene nabo, kusukela kwa-Isakhare, kwaZebuloni, nakwaNafethali, baletha isinkwa ngezimbongolo, ngamakameli, ngeminyuzi, nangezinkabi. Baletha ukudla okusanhlamvu, izigaxa zamakhiwane, izigaxa zamareyizini, iwayini namafutha, izinkabi nezimvu eziningi, ngokuba kwakunokuthokoza okukhulu kwa-Israyeli.