1 Chronicles 18:10 — Compare Translations
2 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
wathuma uHadoramu, indodana yakhe, enkosini uDavide ukuyibingelela nokuyibusisa, ngokuba yayilwile noHadarezeri, yamnqoba, ngokuba uHadarezeri wayelokhu elwa noThowu; wathuma izinhlobo zonke zezitsha zegolide nezesiliva nezethusi.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
wathumela uHadoramu, indodana yakhe, enkosini uDavide ukuyocela ukuba babe nesivumelwano sokuthula nokuyibusisa, ngokuba yayilwile noHadadezeri, yamnqoba, ngokuba uHadadezeri wayevame ukulwa noThowu. Wamphathisa izinhlobo zonke zezitsha zegolide nezesiliva nezethusi.