1 Chronicles 18:6 — Compare Translations
2 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
UDavide wamisa amakhanda e-Aramu laseDamaseku; ama-Aramu aba yizinceku zikaDavide, athela intela. UJehova wamnqobisa uDavide nomaphi lapho eya khona.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
UDavide wamisa amabutho e-Aramu eDamaseku. Ama-Aramu aba yizinceku zikaDavide, athela intela kuye. USimakade wamenza ukuba uDavide anqobe noma kuphi lapho eya khona.