1 Chronicles 20:6 — Compare Translations
2 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Kwabuye kwaba khona impi eGati, lapho kwakukhona umuntu omude; iminwe yakhe nezinzwani zakhe kwakungamashumi amabili nane, isithupha esandleni sisinye, nesithupha onyaweni lulunye; naye wazalwa yiRefa.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Kwaphinda futhi kwaba nempi eGathi, lapho kwakukhona umuntu owayemude kakhulu; eneminwe eyisithupha esandleni ngasinye, kanjalo nasezinyaweni enezinzwani eziyisithupha unyawo ngalunye, sekukonke kungama-24. Naye wayezalwa ngamaRefa.