1 Chronicles 22:18 — Compare Translations

2 translations compared side by side

Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
“UJehova uNkulunkulu wenu akanani na? Akaniphanga ukuphumula nxazonke na? Ngokuba unikele esandleni sami abakhileyo ezweni; izwe linyatheliwe phambi kukaJehova naphambi kwabantu bakhe.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
“USimakade uNkulunkulu wenu akanani na? Akaninikanga yini ukuphumula nxazonke na? Unikele kini izakhamuzi zakuleli lizwe, walinqoba leli lizwe phambi kukaSimakade naphambi kwabantu bakhe.