1 Chronicles 26:31 — Compare Translations

2 translations compared side by side

Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
KumaHebroni uJeriya wayeyinhloko, kumaHebroni njengezizukulwane zawo ngezindlu zawoyise. Ngomnyaka wamashumi amane wokubusa kukaDavide kwafunwa, kwafunyanwa phakathi kwawo amaqhawe anamandla eJazeri kwaGileyadi.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
KumaHebhroni, nguJeriya owayeyinhloko yezizukulwane ngokwezindlu zoyise. Ngonyaka wama-40 wokubusa kukaDavide kwafunwa, kwatholakala phakathi kwabo amaqhawe anamandla eJazeri kwaGileyadi.