1 Corinthians 10:13 — Compare Translations
3 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Anifikelwanga ukulingwa okungenjengokwabantu; kepha uNkulunkulu uthembekile, ongayikuvuma ukuba nilingwe ngokungaphezu kwamandla enu, kepha oyakuthi kanye nokulingwa anenzele indlela yokuphepha, nize nibe namandla okukuthwala.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Anifikelwanga ngukulingwa okungenjengokwamuntu, kodwa uNkulunkulu uthembekile, akayukuvuma ukuba nilingwe ngokungaphezu kwamandla enu. Kepha kuyakuthi lapho nilingwa, anenze nibe namandla okuphunyuka, nibe namandla okubekezela.
Zulu 2023 (Baasraak Zulu New Testament Bible)
Anifikelwa ukulingwa okuvamile kubantu, kepha uNkulunkulu uthembekile, ongayikuvuma ukuba nilingwe ngokungaphezu kwamandla enu; kepha kanye nokulingwa uyakunenza nendlela yokuphunyuka, nize nibe-namandla okukuthwala.