1 Corinthians 14:26 — Compare Translations
3 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Kunjani, pho, bazalwane? Uma nibuthana, yilowo nalowo uba nehubo, noma isifundiso, noma ukwambula, noma izilimi, noma ukuhumusha. Konke akwenzelwe ukwakhiwa kwebandla.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Pho kufanele kwenziwe njani bazalwane na? Uma nihlangana ndawonye, omunye unehubo, omunye unesifundiso, omunye unesambulo, omunye unezilimi, omunye uyahumusha; konke lokho makwenzelwe ukwakhiwa kwebandla.
Zulu 2023 (Baasraak Zulu New Testament Bible)
Kunjani-ke, bazalwane? Lapho nibuthana, yilowo nalowo unehubo, noma isifundiso, unolimi, noma isambulo, unokuhumusha. Konke makwenziwe kube ngukwakha.