1 Corinthians 14:5 — Compare Translations

3 translations compared side by side

Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Nokho bengithanda ukuba nikhulume ngezilimi nonke, kepha kakhulu ukuba niprofethe; mkhulu kodwa oprofethayo kunokhuluma ngezilimi, uma engahumushi, ukuze ibandla lakheke.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Ngifisa ukuba nonke nikhulume ngezilimi, kodwa ngifisa kakhulu ukuba niphrofethe. Mkhulu ophrofethayo kunokhuluma ngezilimi, ngaphandle kokuba azihumushe ukuze kwakheke ibandla.
Zulu 2023 (Baasraak Zulu New Testament Bible)
Ngiyathanda ukuba nonke nikhulume ngezilimi, kodwa kakhulu ukuba niprofethe, ngokuba oprofethayo mkhulu kunalowo okhuluma ngezilimi, uma engahumushi, ukuze ibandla lakheke.