1 Corinthians 5:11 — Compare Translations
3 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
kepha manje nganilobela ukuba ningahlangani nomuntu obizwa ngokuthi ungumzalwane, uma eyisifebe, noma engohahayo, noma engokhonza izithombe, noma eyisithuki, noma eyisidakwa, noma engumphangi; ningaze nadla nokudla nonjalo.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Kepha manje-ke nginibhalela ukuba ningazibandakayi nomuntu obizwa ngokuthi ungumzalwane, kodwa ebe eyisifebe, noma ohahayo, noma okhonza izithombe, noma othuka inhlamba, noma eyisidakwa, noma engumphangi; ningalokothi nidle nomuntu onjalo.
Zulu 2023 (Baasraak Zulu New Testament Bible)
Kodwa khathesi-ke ngilibhalela ukuthi lingahlangani loba ngubani othiwa ungumzalwane eyisifebe, kumbe isihwaba, kumbe okhonza izithombe, kumbe isithuki, kumbe isidakwa, kumbe umphangi; onjalo lingadli.