1 Corinthians 6:7 — Compare Translations
3 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Nempela nakalokhu sekuyisici esikini ukuba nimangalelane. Yini ukuba ningavumi nakanye ukoniwa? Yini ukuba ningavumi nakanye ukuphangwa na?
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Empeleni kwakhona nje ukuthi niyamangalelana kukhombisa ukuthi niyizehluleki. Kungebe ngcono ngani ukuba kwenziwe okubi kini na? Kungebe ngcono ngani ukuba nani niqolwe na?
Zulu 2023 (Baasraak Zulu New Testament Bible)
Ngakho-ke kukhona icala impela phakathi kwenu, ngokuba nimangalelana. Kunalokho kungani niphatha kabi na? Kunalokho kungani ningavumi ukuphanjwa na?