1 Corinthians 9:10 — Compare Translations
3 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Noma ukusho ngenxa yethu impela na? Yebo, kwalotshwa ngenxa yethu, ngokuba olimayo kufanele alime enethemba, nobhulayo abhule enethemba lokwabelwa naye.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Akakusho yini ngenxa yethu na? Yebo, kwalotshwa ngenxa yethu, ngokuba olimayo kumele alime enethemba, nobhulayo abhule okusanhlamvu enethemba lokwabelwa naye.
Zulu 2023 (Baasraak Zulu New Testament Bible)
Kumbe kambe ukutsho ngenxa yethu? Lokhu kulotshiwe ngenxa yethu ukuthi: Olimayo kufanele alime enethemba; nokuthi obhulayo enethemba kufanele ahlanganyele ethembeni lakhe.