1 Corinthians 9:16 — Compare Translations
3 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Ngokuba noma ngishumayela ivangeli, anginaludumo ngalokho, ngokuba ngimelwe ukwenze njalo; ngokuba maye kimina uma ngingalishumayeli ivangeli!
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Ngokuba uma ngishumayela ivangeli, lokho akuyona into engingazikhukhumeza ngayo, ngokuba ngimele ukuba ngenze kanjalo. Maye, kimina uma ngingalishumayeli ivangeli!
Zulu 2023 (Baasraak Zulu New Testament Bible)
Ngokuba noma ngishumayela ivangeli, anginakuzibonga, ngokuba kube yimpoqo phezu kwami; yebo, maye kimi uma ngingalishumayeli ivangeli!