1 John 5:6 — Compare Translations

3 translations compared side by side

Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Nguye lo oweza ngamanzi nangegazi, uJesu Kristu, kungengamanzi odwa kodwa ngamanzi nangegazi; noMoya ungofakazayo, ngokuba uMoya uyiqiniso.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
UJesu weza ngamanzi wabhabhadiswa, akubanga ngamanzi qha, kodwa kwaba nangegazi lakhe, lokhu noMoya oNgcwele uyafakaza ngalokho, ngokuba unguMoya weqiniso.
Zulu 2023 (Baasraak Zulu New Testament Bible)
Lo nguye oweza ngamanzi negazi, uJesu Kristu; kungeyisikho ngamanzi kuphela, kodwa ngamanzi legazi. Futhi uMoya ufakaza, ngoba uMoya uliqiniso.