1 Kings 12:10 — Compare Translations

2 translations compared side by side

Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Zase zikhuluma kuye izinsizwa eziyintanga yakhe, zithi: “Uyakusho kanje kulaba bantu abakhulume kuwe ngokuthi: ‘Uyihlo walenza ijoka lethu lasinda, kepha wena ulenze libe lula kithina,’ uyakukhuluma kanje kubo, uthi: ‘Ucikicane wami mkhulu kunokhalo lukababa.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Izinsizwa ezaziyintanga yakhe zathi kuye: “Uyothi kulaba bantu abakhulume kuwe, bathi: ‘Uyihlo walenza laba nzima ijoka lethu, kepha wena lenze libe lula kithina,’ uyokhuluma kanje kubo: ‘Ucikicane wami mkhulu kunokhalo lukababa.