1 Kings 12:21 — Compare Translations
2 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
URehobowamu esefikile eJerusalema wabutha yonke indlu yakwaJuda nesizwe sakwaBenjamini, abantu abakhethiweyo abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi ayisishiyagalombili, amabutho, ukuba balwe nendlu yakwa-Israyeli, bawubuyisele umbuso kuRehobowamu indodana kaSolomoni.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
URehobhowamu, esefikile eJerusalema, waqoqa yonke indlu yakwaJuda nesizwe sakwaBhenjamini, abantu abakhethiweyo abayizi-180 000 zamabutho, ukuze balwe nendlu yakwa-Israyeli, umbuso bawubuyisele kuye uRehobhowamu, indodana kaSolomoni.