1 Kings 12:24 — Compare Translations
2 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
‘Usho kanje uJehova, uthi: Aniyikukhuphuka, ningalwi nabafowenu abantwana bakwa-Israyeli; buyelani, kube yilowo nalowo endlini yakhe, ngokuba le nto ivela kimi.’ ” Balalela izwi likaJehova, babuya, bahamba njengokusho kukaJehova.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
‘Usho kanje uSimakade, uthi: ningakhuphuki ukuyolwa nabafowenu abantu bakwa-Israyeli; phindelani emuva, kube yilowo nalowo endlini yakhe, ngokuba lokhu kuvela kimi.’ ” Balilalela izwi likaSimakade, baphindela emuva njengokusho kwakhe.