1 Kings 14:21 — Compare Translations
2 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
URehobowamu indodana kaSolomoni wabusa kwaJuda. URehobowamu wayeneminyaka engamashumi amane nanye ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka eyishumi nesikhombisa eJerusalema, umuzi awukhethileyo uJehova ezizweni zonke zakwa-Israyeli ukuba abeke khona igama lakhe; igama likanina lalinguNahama wabakwa-Amoni.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
URehobhowamu, indodana kaSolomoni, wabusa kwaJuda. URehobhowamu wayeneminyaka engama-40 eqala ukubusa. Wabusa iminyaka eli-17 eJerusalema, umuzi uSimakade ayewukhethe phakathi kwazo zonke izizwana zakwa-Israyeli, ukuba abeke kuwo iGama lakhe. Igama likanina kwakunguNahama, wakwa-Amoni.