1 Kings 14:5 — Compare Translations

2 translations compared side by side

Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
UJehova wayeshilo ku-Ahiya, ethi: “Bheka, umkaJerobowamu uyeza ukubuza kuwe ngendodana yakhe, ngokuba iyagula; womphendula ngokuthi nangokuthi, ngokuba kuyakuthi ekungeneni kwakhe azishaye omunye umuntu.”
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
USimakade wayeshilo ku-Ahiya, wathi: “UmkaJerobhowamu uyeza kuwe ukuzothola izwi mayelana nendodana yakhe egulayo. Uyokhuluma kuye kanje nakanje, ngoba uyofika azishaye omunye umuntu.”