1 Kings 17:12 — Compare Translations

2 translations compared side by side

Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Kepha wathi: “Kuphila kukaJehova uNkulunkulu wakho, anginalo neqebelengwane, kukhona kuphela ukhweshe lwempuphu embizeni nengcosana yamafutha ophisweni; bheka, sengicakashile izinkuni ezimbili, ukuze ngingene ngizilungiselele khona nendodana yami ukuba sikudle, sife.”
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Kepha wathi: “Ngifunga ngiyagomela phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakho, anginalo iqebelengwane, okukhona nje inkeshezana yempuphu esembizeni, nengcosana yamafutha ophisweni. Uyabona-ke, sengizitholele izinkuni ezimbili ukuze ngihambe ngizilungiselele khona nendodana yami ukuba sidle, sife.”