1 Kings 19:12 — Compare Translations
2 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
emva kokuzamazama komhlaba ngumlilo; kepha uJehova wayengekho emlilweni; emva komlilo yizwi elincane elihashazayo.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Emva kokuzamazama komhlaba, kwaba khona umlilo, kodwa wayengekho uSimakade emlilweni. Emva komlilo, kwaba nezwi elincane elihlebezayo.