1 Kings 19:4 — Compare Translations

2 translations compared side by side

Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Kodwa yena wahamba ibanga losuku ehlane, waya wahlala phansi konwele, wacela enhliziyweni yakhe ukuba afe, wathi: “Sekwanele; manje, Jehova, sale usuthatha umphefumulo wami, ngokuba angilungile kunawobaba.”
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Yena wahamba uhambo losuku ehlane, waze wayohlala phansi kwesihlahla sonwele. Enhliziyweni yakhe wafisa ukufa, wathi: “Sekwanele manje, Simakade! Sale usuwuthatha umphefumulo wami, ngokuba angilungile kunokhokho bami.”