1 Kings 20:27 — Compare Translations
2 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Abantwana bakwa-Israyeli babalwa, baphiwa ukudla, bahamba ukuhlangabezana nabo; abakwa-Israyeli bamisa phambi kwabo njengemihlanjana emibili yamazinyane ezimbuzi, kepha ama-Aramu agcwalisa izwe.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Abakwa-Israyeli bahlanganiswa nabo, baphiwa ukudla, base behamba ukuyobhekana nabo. Abakwa-Israyeli bakanisa phambi kweyesitha, babefana nemihlanjana emibili yamazinyane ezimbuzi, kodwa ama-Aramu ayegcwalise izwe.