1 Kings 20:36 — Compare Translations
2 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Wayesethi kuye: “Ngokuba ungalalelanga izwi likaJehova, bheka, uyakwanele ukusuka nje kimi, ingonyama ikubulale.” Wanele wasuka nje kuye, ingonyama yamfumana, yambulala.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Wayesethi kuye: “Njengoba ungalalelanga izwi likaSimakade, uzokuthi uma nje usuka lapha kimi, ubulawe yibhubesi.” Nempela wanele ukusuka nje kuye, wahlangana nebhubesi lambhozomela, lambulala.