1 Kings 22:31 — Compare Translations

2 translations compared side by side

Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Kepha inkosi yase-Aramu ibiyalile izinduna ezingamashumi amathathu nambili zezinqola zayo ngokuthi: “Ningalwi namuntu, omncane noma omkhulu, kuphela nenkosi yakwa-Israyeli yodwa.”
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Inkosi yase-Aramu yayizidonse ngendlebe izinduna zayo ezingama-32, yathi: “Ningalwi namuntu noma ngomncane noma ngomdala, kodwa nenkosi yakwa-Israyeli kuphela.”