1 Kings 3:6 — Compare Translations

2 translations compared side by side

Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
USolomoni wathi: “Wenzele inceku yakho uDavide ubaba umusa omkhulu njengokuhamba kwakhe phambi kwakho ngeqiniso, nangokulunga, nangobuqotho benhliziyo kuwe, wamgcinela futhi lowo musa omkhulu, wamnika indodana ukuba ihlale esihlalweni sakhe sobukhosi, njengokuba kunjalo namuhla.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
USolomoni wathi: “Ukhombise umusa omkhulu encekwini yakho uDavide, ubaba, ngoba wahamba phambi kwakho ngokwethembeka, ngokulunga nangobuqotho benhliziyo kuwe, wamgcinela lowo musa omkhulu, wamnika indodana ukuba ihlale esihlalweni sakhe sobukhosi njengalokhu kwenzeka namuhla.