1 Kings 7:21 — Compare Translations
2 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Wazimisa izinsika ngasemphemeni wethempeli; wayimisa insika yokunene, waqamba igama layo ngokuthi uJakini, wayimisa nensika yasokhohlo, waqamba igama layo ngokuthi uBowazi.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Wazimisa izinsika zomphemegumbi wethempeli, insika yangakwesokunene wayiqamba ngokuthi uJakini. Insika yangakwesokhohlo ayimisayo wayibiza ngokuthi uBhowazi.