1 Kings 7:29 — Compare Translations
2 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
kuzo izindini ezaziphakathi kwezinsiko kwakukhona izingonyama, nezinkabi, namakherubi;* kwakunjalo nakuzo izinsiko phezulu; phansi kwezingonyama nezinkabi kwakukhona imigexo elengayo yezimbali.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Emiphethweni eyayibekwe ezinsikeni kwakukhona phakathi kwezinsika izingonyama, izinkabi namakherubhi; kwakunjalo ezinsikeni, phezulu naphansi, kunezingonyama, izinkabi, nemigexo yezimbali elengayo.