1 Samuel 10:21 — Compare Translations
2 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Wayesesondeza isizwe sakwaBenjamini ngemindeni yabo, kwadliwa umndeni wakwaMatri; kwadliwa uSawule indodana kaKishi; kepha lapho bebemfuna, akafunyanwanga.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Wayesesondeza isizwana sakwaBhenjamini ngemindeni yaso, kwenziwa unkatho, lwadla umndeni wakwaMathri; lwadla noSawule, indodana kaKishi. Kepha kwathi lapho bemfuna, akafunyanwanga.