1 Samuel 10:25 — Compare Translations
2 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
USamuweli wayesebatshela abantu amalungelo ombuso, wawaloba encwadini, wayibeka phambi kukaJehova. USamuweli wamukisa bonke abantu, yilowo nalowo waya ekhaya lakubo.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
USamuweli wayesebatshela abantu ngamalungelo ombuso, wawaloba encwadini, wayibeka phambi kukaSimakade. USamuweli wayidedela inhlangano yahlakazeka, kwayilowo nalowo muntu wabuyela ekhaya.