1 Samuel 14:27 — Compare Translations

2 translations compared side by side

Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Kepha uJonathani akezwanga lapho uyise efungisa abantu; ngalokho welula isihloko senduku esesandleni sakhe, wasicwilisa ezinyosini, wabeka isandla emlonyeni; ayeseqabuka amehlo akhe.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
UJonathani wayengasizwanga isifungo uyise asenzisa abantu. Wayeselula isihloko senduku yakhe ayeyiphethe, wayicwilisa ojwini, walukhotha; ayeseqabuka amehlo akhe.