1 Samuel 14:34 — Compare Translations

2 translations compared side by side

Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Wathi uSawule: “Hlakazekelani phakathi kwabantu, nithi kubo: ‘Lethani kimi, kube yilowo nalowo inkabi yakhe, nalowo imvu yakhe, nizihlabe lapha, nidle, ningoni kuJehova ngokudla okunegazi.’ ” Bonke abantu baletha, kwaba yilowo nalowo inkabi yakhe ngalobo busuku ngesandla sakhe, bazihlaba khona.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
USawule wathi: “Hlakazekani phakathi kwabantu, nibatshele bonke, nithi: ‘Akube yilowo nalowo alethe kimi inkabi yakhe, omunye imvu yakhe, nikuhlabe lapha kule ndawo, nikudle, ningabe nisona kuSimakade ngokudla okunegazi.’ ” Abantu baletha, kwaba yilowo nalowo inkabi yakhe, bakuhlaba bona mathupha lapho.