1 Samuel 16:7 — Compare Translations
2 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Kepha uJehova wathi kuSamuweli: “Ungabheki isimo sakhe nobude bomzimba wakhe, ngokuba ngimalile, lokhu uJehova engabukisi okomuntu; umuntu ubheka okusemehlweni, kepha uJehova ubheka okusenhliziyweni.”
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Kepha uSimakade wathi kuSamuweli: “Ungabheki isigubo sakhe nobude bakhe, ngokuba ngimalile, lokhu uSimakade engabuki njengomuntu; umuntu ubheka okusemehlweni, kodwa uSimakade ubheka okusenhliziyweni.”