1 Samuel 18:5 — Compare Translations

2 translations compared side by side

Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
UDavide waphuma, waya nomaphi lapho uSawule emthuma khona, waziphatha ngokuhlakanipha; uSawule wambeka phezu kwamadoda empi; wayemuhle emehlweni abantu bonke nasemehlweni ezinceku zikaSawule.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
UDavide wayeya noma kuphi lapho uSawule ayemthuma khona, wayehlabana. USawule wambeka ukuba aphathe amabutho. UDavide wayemuhle emehlweni abantu bonke nasemehlweni ezinceku zikaSawule.