1 Samuel 20:27 — Compare Translations

2 translations compared side by side

Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Kwathi ngangomuso emva kokwethwasa kwenyanga ngolwesibili indawo kaDavide yayiyize; uSawule wathi kuJonathani indodana yakhe: “Indodana kaJese ayifikanga ngani ekudleni nayizolo nanamuhla na?”
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Kwathi ngosuku olulandelayo lokwethwasa kwenyanga, indawo kaDavide isalokhu ingenamuntu, uSawule wathi kuJonathani, indodana yakhe: “Kungani indodana kaJese ingafikanga esidlweni izolo nanamuhla na?”