1 Samuel 22:17 — Compare Translations

2 translations compared side by side

Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Inkosi yathi kuzo izigijimi ezazimi ngakuyo: “Sondelani, nibulale abapristi bakaJehova, ngokuba nesandla sabo sinaye uDavide nangokuba bazi ukuthi uDavide wabaleka, bengakwambulelanga kimi.” Kepha izinceku zenkosi azivumanga ukwelula isandla sazo ukuba zisukele abapristi bakaJehova.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Inkosi yathi ezigijimini ezazimi ngakuyo: “Phendukani, nibulale abaphristi bakaSimakade, ngokuba nabo bahlangene noDavide, bathe bazi ukuthi uyabaleka, kodwa abaze bangitshela.” Kepha izinceku zenkosi azivumanga ukwelula isandla sazo zibulale abaphristi bakaSimakade.