1 Samuel 25:3 — Compare Translations
2 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Igama lalowo muntu lalinguNabali; igama lomkakhe lalingu-Abigayili; owesifazane wayehlakaniphile, ebukeka emuhle, kepha indoda yayilukhuni inobubi emisebenzini yayo; yayingekaKalebi.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Igama lalowo muntu kwakunguNabali, umkakhe kungu-Abhigayili, engowesifazane okhaliphile, futhi emuhle, kodwa indoda yakhe yayilukhuni, inenkohlakalo emisebenzini yayo; yayingeyomndeni kaKhalebhu.