1 Samuel 25:34 — Compare Translations
2 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Ngokuba impela, kuphila kukaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli ongivimbele ukuze ngingakulimazi, uma ungasheshanga ukuza ukuba ungihlangabeze, impela nga kungasalanga kuNabali ngasekuseni kusasa nokukodwa okungokwesilisa.”
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Impela ngifunga ngiyagomela phambi kukaSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli ongivimbile ukuba ngingakulimazi, uma bewungazange usheshe uze ukuzongihlangabeza, impela ngabe akusalanga nakunye okukaNabali okwesilisa okungokwakhe, ekuseni kusasa.”