1 Samuel 28:23 — Compare Translations
2 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Kepha wala wathi: “Angiyikudla.” Kodwa zamcindezela izinceku zakhe kanye nowesifazane, walilalela izwi labo. Wayesevuka emhlabathini, wahlala embhedeni.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Kepha uSawule wenqaba wathi: “Angiyukudla.” Nokho izinceku zakhe nowesifazane bamnxenxa, wayeselalela izwi labo. Wasukuma emhlabathini, wahlala embhedeni.