1 Samuel 29:6 — Compare Translations
2 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
U-Akhishi wambiza uDavide, wathi kuye: “Kuphila kukaJehova, wena uqotho; ukuphuma kwakho nokungena kwakho nami empini kuhle emehlweni ami, ngokuba angifumananaga bubi kuwe kusukela osukwini lokufika kwakho kimi kuze kube namuhla; nokho emehlweni amakhosi awumuhle.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
U-Akhishi wambiza uDavide, wathi kuye: “Ngifunga ngiyagomela phambi kukaSimakade, wena uqotho; ngikubone kukuhle emehlweni ami ukuba uphume futhi ubuye nami empini, ngokuba angifumananga bubi kuwe kusukela ngosuku owafika ngalo kimi kuze kube namuhla, kodwa amakhosi awakuboni kukuhle ukuba uhambe nathi.