1 Samuel 30:22 — Compare Translations

2 translations compared side by side

Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Base bethatha bonke abantu ababi nabonakeleyo kulabo ababehamba noDavide, bathi: “Njengokuba bengahambanga nathi, asiyikubanika lutho empangweni esiyikhululile, kuphela ukuba yileyo naleyo ndoda inikwe umkayo nabantwana bayo, bamuke nabo, bahambe.”
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Izikhohlakali nabangenamsebenzi walutho kulabo bantu ababehambe noDavide, bathi: “Ngenxa yokuba bengahambanga nathi, asiyukubanika lutho empangweni esiyikhululile, kuphela ukuba bathathe abafazi babo nezingane zabo bahambe.”