1 Thessalonians 2:17 — Compare Translations

3 translations compared side by side

Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Kepha thina, bazalwane, lokhu besahlukanisiwe nani isikhashana ngobuso kungenganhliziyo, kwaba yikhona sikhuthalela kakhulu ukubona ubuso benu ngokunxanela okukhulu.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Kepha thina bazalwane, besehlukanisiwe nani okwesikhashana, kodwa hhayi ngezinhliziyo, yingakho sikushisekele kakhulu ukuba sinibone, okuyikhona sikunxanele kakhulu.
Zulu 2023 (Baasraak Zulu New Testament Bible)
Kepha thina, bazalwane, njengokuba sasuswa kini isikhathi esifushane ebusweni, kungenganhliziyo, sakhuthalela kakhulu kakhulu ukubona ubuso benu ngokufisa okukhulu.