1 Thessalonians 4:1 — Compare Translations
3 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Elokugcina-ke, bazalwane, siyaninxusa, siyaniyala ngeNkosi uJesu ukuba njengalokho nakwamukela kithi ukuthi nifanele ukuhamba nokumthokozisa kanjani uNkulunkulu, njengalokho nihamba kanjalo, manivame kakhulu kulokho.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Elokugcina, bazalwane, siyaninxusa, sinigqugquzela eNkosini uJesu ukuba njengalokhu nakwemukela kithi ukuthi nifanele niziphathe, futhi nimthokozise kanjani uNkulunkulu, njengalokhu nivele nenza kanjalo, khuthalani-ke kakhulu ukwenza lokho.
Zulu 2023 (Baasraak Zulu New Testament Bible)
Ngakho siyanincenga, bazalwane, siyaniyala ngeNkosi uJesu ukuba njengalokho nakwamukela kithi ukuthi nifanele ukuhamba nokumthokozisa kanjani uNkulunkulu, nivame kakhulu kanjalo.