2 Chronicles 10:15 — Compare Translations
2 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Inkosi ayibalalelanga abantu, ngokuba kwakuyisiyiba esivela kuNkulunkulu, ukuze uJehova amise izwi lakhe alikhulumayo ngesandla sika-Ahiya waseShilo kuJerobowamu indodana kaNebati.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Inkosi ayibalalelanga abantu, ngokuba lokho kwakuvela kuSimakade, ukuze uSimakade agcwalise izwi alikhuluma ngomlomo ka-Ahiya waseShilo kuJerobhowamu, indodana kaNebhathi.