2 Chronicles 11:23 — Compare Translations
2 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Wenza ngokuhlakanipha, wahlakaza onke amadodana akhe emazweni onke akwaJuda noBenjamini, emizini yonke ebiyelweyo, wawanika ukudla okuningi, wawafunela abafazi abaningi.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Wenza ukuhlakanipha, amadodana akhe wawehlukanisa, ahlala emazweni wonke akwaJuda nakwaBhenjamini, nasemizini yonke ebiyelweyo; wawanika ukudla okuningi, wawatholela nabafazi abaningi.