2 Chronicles 12:7 — Compare Translations

2 translations compared side by side

Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Lapha uJehova ebona ukuthi bayazithoba, kweza izwi likaJehova kuShemaya, lathi: “Bazithobile; angiyikubachitha, kepha ngiyakubakhulula emva kwesikhashana, nentukuthelo yami ayiyikuthululelwa phezu kweJerusalema ngesandla sikaShishaki.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Ngesikhathi uSimakade ebona ukuthi bayazithoba, wathumela izwi kuShemaya, wathi: “Bazithobile; angiyukubabhubhisa, kodwa ngizokubakhulula emveni kwesikhashana, nentukuthelo yami ayiyukwehlela iJerusalema ngesandla sikaShishaki.