2 Chronicles 22:11 — Compare Translations
2 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Kodwa uJehoshabeyati, indodakazi yenkosi, wamthatha uJowashi indodana ka-Ahaziya, wameba phakathi kwamadodana enkosi abulawayo, wambeka nomzanyana wakhe ekamelweni lokulala. UJehoshabeyati, indodakazi yenkosi uJehoramu, umkaJehoyada umpristi – ngokuba wayengudadewabo ka-Ahaziya – wamfihla ebusweni buka-Athaliya, ukuze angambulali.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
UJehoshabheyathi, indodakazi yenkosi, yathatha uJowashi, indodana ka-Ahaziya, yameba emadodaneni enkosi ayebulawa, yamfihla ekamelweni lokulala, yena nomzanyana wakhe. UJehoshabheyathi, indodakazi yenkosi uJehoramu, umkaJehoyada, umphristi, wayengudadewabo ka-Ahaziya, wamfihla, akaze akwazi u-Athaliya ukumbulala.